Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Umhlaziyi wezepolitiki uZakhele Ndlovu uthi i-African National Congress (ANC)  iyamdinga owayengumengameli walenhlangano uJacob Zuma esifundazweni sakwaKwaZulu Natal njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

UNdlovu uthi yingakho iqembu elibusayo njalo uma lithola ithuba, lihlezi likugcizelela ukuthi konke kuhamba kahle phakathi kwabaholi beqembu kanye no Zuma.

Lomhlaziyi usebeke kanje engxoxweni yakhe nezindaba zeGagasi FM ngenkulumo eyethulwe ngunobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula ePietermaritzburg ngempelasonto.

UBuhle Mbhele uyabika.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/0Z9w9872BGmND9&podcast_id=37df6c0f-c4c1-4d40-a5ad-80dd98301c8c” width=”100%” height=”200″]