Skip to main content

Noluthando Mchunu

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-COSATU uthi asikho isinqumo osusithathile mayelana nokuthi uzokweseka yiphi inhlangano okhethweni lohulumeni basekhaya ngoNovember.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-COSATU ekunxantathu ne SACP kanye ne ANC, ivame ukuvota noKhongolose ezinkethweni kodwa akucaci ukuthi izovota kanjani kulokhu njengoba iSACP izongenela ukhetho ngokuzimela okokuqala ngqa.

Ubuholi balomfelandawonye bubambe isithangami nabezindaba emva kokuthi kubonakale izinxushunxushu engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi neziholele ekutheni lenkomfa ihlehliswe.

Amalungu ezinyunyana ezingaphansi kweCOSATU, kubikwa ukuthi adube lengqungquthela ngoba esola ubuholi ngokuvalela ngaphandle oyisekela likaMengameli uMike Shingange obegaqele isikhundla sokuhola iCOSATU.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba uShingange uthi izinkinga eziqhubuke kulengqungquthela azidalwanga ukuthi iCOSATU ihlukene phakathi mayelana nokuthi izokweseka bani phakathi kweANC ne SACP okhethweni.

“The fact that we could not reach a quorum, which was the reason why the congress adjourned. It was because at the required time of reaching a quorum we couldn’t, for whatever reasons but we couldn’t”

“It is not because there was a contestation on the ANC and SACP, it’s not because of that. Even the disagreements that were happening at the time of opening the congress is not because of the contestation,” kuchaza u Shingane.