I-Bafana icinje ngokwanele ukubhekana ne-Morocco.
Written by Ayanda Nyuswa on 29 January, 2024
By: Simtho Dladla
Iqembu lesizwe lakuleli i-Bafana Bafana, isishayela isipikili sokugcina kumalungiselelo ayo ngaphambi komdlalo wabo ne-Morocco ku-last 16 ye-African Cup of Nations.
I-Bafana isithelekile edolobhaneni lase-San Pedro flapho izobhekana khona nama 2022 Fifa World Cup semi-finalists I Morocco enkundleni i-Stade Laurent Pokou.
Womabili lamaqembu awaqali ukuhlangana kwazise umdlalo wawo wokugcina ubuseFNB Stadium ngonyaka owedlule khathi kuhlungelwa imidlalo ye- Afcon nalapho iBafana yawina ngo-2-1.
Leliqembu likaHugo Broos libambe umoya ngabadlali ababili abalimele uMothobi Mvala kanye no-Khuliso Mudau abahlale ngaphandle ngesikhathi leliqembu liziqeqesha.
Kumdlalo ozoqala ngo22h00 ebusuku ngoLwesibili, umqeqeshi uBroos unethemba ukuthi iqembu lakhe lizokazi ukulwa lize lifinyelele kowamaqambu kodwa lomsebenzi uzoqala uma sebebhekene neMorocco.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.