I-DA Ithi Ziyadingeka Izinguquko Ekusebenzeni Kwe-NSFAS

Written by on 20 February, 2024

By: Sthulile Mdletshe

I-Democratic Alliance (DA) isiveze ukuthi uma kungenzeka inqobe okhethweni lukazwelonke, oluzobanjwa kuwo lonyaka, okuseqhulwini ukuguqula ngokuphelele ukusebenza kwesikhwama sokuxhasa abafundi i-National Student Financial Aid Scheme.

Kuzokhumbuleka ukuthi inhlangano elwisana nenkohlakalo i-OUTA yaveza ukuthi uNgqonqgoshe weMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande noSihlalo we-NSFAS u-Ernest Khoza, badla izigidi zamarandi ngokukhiphela abathize amathenda asemanyuvesi.

Umholi we-DA kuzwelonke, uJohn uSteenhuisen, uthi ukholelwa ukuthi indlela lesi sikwama esisebenza ngayo kumele ibuyekzwe iqalwe kabusha, nathi kuzogwema nezenzo zenkohlakalo.

Ngesikhathi ethula uhlu lwezethembiso zokhetho zeDA ePitoli, uSteenhuisen uzwakalise ukukhathazeka ngenkohlakalo edla lubi nokwebiwa kwemali ngapansi kobuholi be-ANC.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background