By: Bright Ntuli
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK Party) selisihoxisile isicelo ebelisifake enkantolo yezokhetho e Bloemfontein, sokuthi imiphumela yokhetho lwangalonyaka lwezifundazwe nolukazwelonke, ithathwe njengento engekho.
Lenhlangano kade ikhala ngokuthi lemiphumela eyamenyezelwa yi IEC ngenyanga eyedlule yayingenabo ubulungiswa neqiniso.
Ibikhala ngokuthi ukhetho lwaba nokukhwabaniswa kwamavoti, kanye nezinye izinto ezingalungile.
iMK Party isicele lenkanto ukuthi iyinike isikhathi esithe xaxa ukuhlanganisa umbiko ogcwele ngaloludaba.