Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

UMengameli we-South African Local Government Association (SALGA) uBheki Stofile uthi kubalulekile ukuthi uhulumeni aqinisekise ukuthi ingqalasizinda enikezwa umphakathi kuba ileyo ezokwazi ukumelana nesimo sezinhlekelele ezenzeka ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu.

UStofile usho kanje ekhuluma kwi-Built Environment Climate Change Indaba eqhubeka eThekwini.

Kulemhlangano kubhungwa mayelana nolwazi ,nezindlela ezingasiza, ukuthi omasipala kanye nezinye izinhlaka  zibe namasu ezingawasebenzisa uma kuba nezinhlekelele ezidalwa wushintsho lwesimo sezulu.

Isifundazwe sakwaZulu Natal singesinye sesifundazwe ezihlaselwa izimvula ezinamandla, ezihambisana nesishingishane kanye nombani odala umonakalo.

UStofile usho kanje.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/2r282p5yy72BWZ&podcast_id=3a4922a7-98d4-4907-94db-3e4f2204b55f” width=”100%” height=”200″]