I-SAMA Ishaya Amakhala Ngokusayindwa Kwe-NHI

Written by on 16 May, 2024

By: Pamella Majola

Inhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA) ithi uhulumeni oholwa yi-ANC uncenga amavoti kubantu abahlwempu ngokuphuthumisa ukusayindwa kwe-National Health Insurance Bill ibe wumthetho.

Izolo umengameli uCyril Ramaphosa wenze lomthetho sivivinyo womshuwalense wezempilo kahulumeni, ube wumthetho.

Kanti kuhloswe ngawo ukuthi wonke umuntu athole usizo lwezempilo olusezingeni kuzona zonke izikhungo zezempilo ezweni.

I-SAMA ithi  i-NHI isanezinkinga eziningi esimweni eyiso njengamanje nezingafaka ingcindezi ezibhedlela eziningi ezizimele.

Okhulumela i-SAMA uMvuyisi Mzukwa uyenaba.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background