Inhlangano yabalimi iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) isizibophezele ekusizeni abalimi bomoba njengoba bebhekene nenkinga enkulu yokushoda kwabasebenzi.
Le nhlangano ithi abalimi abaningi sebebhekene nobunzima bokuthola abantu abahlahla umoba, okuholele ekutheni abanye bangakwazi nokuvuna izitshalo zabo ngesikhathi.
Kubikwa ukuthi le nkinga idalwe ukuhamba kwabokufika ababesebenza emasimini, ngemva kwemibhikisho yezinhlangano zomphakathi elwisana nabokufika abakuleli ngaphandle kwezimvume ezifanele.
USihlalo we-SAFDA, uSiyabonga Madlala, usho kanje…



