Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Uthishanhloko wesikole samabanga aphansi Isikhuthali, eMargate eNingizimu nesifundazwe, uPenny Nxumalo, uthi ukwelula isandla komsakazo iGagasi FM kwenza omkhulu umehluko kubantwana besikole sakhe.

UNxumalo usho kanje, iGagasi FM ngokuhlanganyela nesitolo uSpar linikele ngezicathulo ezingu-300 kubafundi balesisikole emva kokuthi uthisha wesikole samabanga aphezulu esingumakhelwane iMchushwa, uNompumelelo Bhengu, ebhalele lo msakazo ngaphansi kohlelo I-Geleza neGagasi Back to School, ecela ukuthi umsakazo ufake isandla usize isikole afundisa kuso.

Isikole uMchushwa singesinye sezikole ezihlomule kunyaka u-2024 ngokuthi sithole ukulekelelwa umsakazo kuhlelo i-Geleza ne Gagasi- FM lokhu kube nomphumela wokuthi kube sekuhlomula iSikhuthali sona ke esingumakhelwane.

Uthishanhloko uNxumalo wesikole Isikhuthali uthi lezi zicathulo zizosiza inqwaba yezingane njengoba kukhona nalabo bafundi abahamba ngezinyawo ngenxa yokuthi abazali abanawo amandla okubathengela izicathulo.

Nangu uthishanhloko echaza.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/P9Y9XV2x4MZrr0&podcast_id=e425cea2-717c-47a1-93b3-6b4282af5b8f” width=”100%” height=”200″]

 

Kanti uNontsikelelo Mchunu oyi-Public Relations Consumer Marketing Co-ordinator kwi-Gagasi FM usebeke kanje ngalokhu.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/4Q7y08BWZvK4J2&podcast_id=e229b77f-883d-4f43-9e8c-15e4890b6d0b” width=”100%” height=”200″]