Skip to main content

By: Nhlanhla Mbokazi

Amalungu ebandla lamaNazaretha kanye nomphakathi waseWillowfountain, ePietermaritzburg, aphume ngobuningi bawo ngesikhathi umholi waleli bandla ohlangothini lwaseBuhleni, Inkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ehambele le ndawo ezoletha umkhuleko.

UNyazilwezulu luqale ngokuhambela ithempeli i-Thulani lapho amalungu alelibandla kanye namalungu omphakathi ebezothamela khona inkonzo yasekuseni.

Lube seludlulela ekhaya laloyo owayengungqongqoshe wezempilo kuzwelonke, uZweli Mkhize.

Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM uMkhize usechaze kanje ngenhloso yalomkhuleko.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/MKnDvV1ny26Zvz&podcast_id=81914e9c-1ad3-44f2-912f-3a0d632e97c9″ width=”100%” height=”200″]