Nompendulo Ngubane
Inkosi yesizwe sakwaQwabe KwaDukuza, enyakatho yeKZN, uZakhele Gumede, isinxuse amakhansela asanda kugcotshwa kuMasipala wasekhaya waKwaDukuza ukuthi azithuthukise ngokufundela izifundo zesikhathi esifushane.
UGumede ukusho lokhu emcimbini wokugcotshwa kobuholi obusha balo masipala, okubalwa kubo uSomlomo, iMeya kanye neSekela leMeya.
Inkosi ithi kubalulekile ukuthi amakhansela azinikele ekusebenzeleni umphakathi kunokuzibona njengosaziwayo, njengoba lokho kungawenza akhohlwe umsebenzi wawo wokuletha izidingo nezinsiza kuhulumeni ukuze zifinyelele kubantu.
Ekhuluma kulo mcimbi obubanjelwe emahhovisi kamasipala, uGumede ubeke kanje.
“Okuzokulekelela ukuthi wazi ukuthi njengekhansela yini elindeleke kuwena. Thina asilindele osaziwayo, njengoba namhlanje sekunamakhansela, not councillor elect, you are councillors now, angeke sisakuthola ocungweni,” kusho uGumede.
Uqhube wathi,”Ngisho kwamina uma ngikufonela councillor Zulu ngithi ngicela ungisiza, u khansela uZulu athi uzobuyela kumina kuze kushone ilanga, ngenza nje isibonelo ngoba ikhansela elingaphansi kwewadi engikulona.”
USduduzo Gumede we ANC uphinde waqokwa njengoMeya kaMasipala waKwaDukuza, njengoba ethole amavoti angu-32, ehlula uGadaffi Govender wo Mkhonto weSizwe Party, othole amavoti angu-25.
Kanti uPhumile Zulu, naye omele iqembu iANC uqokwe njengosomlomo waloMasipala.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Gumede...



