Isilo Sibuhlungu NgoShenge

Written by on 10 September, 2023

By: Sphelele Nzuza

ISilo uMisuzulu kaZwelithini, sithi sikhala siyazithulisa ngokuguqa kukaNdunankulu waso uMntwana wakwaPhindangene Inkosi uMangosuthu Buthelezi.

UButhelezi ukhothamele ekhaya lakhe eMahlabathini oLundi izolo ekuseni, eseneminyaka engu-95 ubudala.

Indlulamithi isho kanje ngemuva kokumemezela ukuvala umkhosi womhlanga, lapho imemezele nokuthi izinhlelo zalomkhosi ebezihlelelwe usuku lwanamuhla ngeke zisaqhubeka, ukuze kuzilwe kuphinde kuhlonishwe ukukhothama kukaShenge.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

Isilo sithi kuningi kakhulu abebehlele ukukwenza nomtwana wakwaPhindangene.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background