Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal seyicele ukuthi ubuholi bukaMasipala iTheku bungenelele kwekubiza “ngokusocongwa kwabasebenzi” emnyangweni wezamanzi kuwo lomasipala.

Leli qembu libhale incwadi emva kokuthi omunye umsebenzi wezamanzi kulo masipala edutshulwe wabulawa eSpringfield, eThekwini, ngolweSibili.

I-DA ithi lomsebenzi akuyena owokuqala ukubulawa kodwa kukhona nabanye ababulewe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Leli qembu lithi licele umhlangano nomasipala ngoba lifisa ukuthola ukuthi yini eyenziwayo ukulwa nalesi sihlava.

Ongumholi kwi caucus ye-DA EThekwini uThabani Mthethwa uthi kuyakhathaza ukuthi yize abasebenzi beqhubeka bebulawa kodwa akukho okwenziwayo ukuqeda lezi zigameko.