Kuphume Nesinedolo Ukuyovota eMzumbe

Written by on 29 May, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Izaguga zasendaweni yakwaNomakhanzana ngaphansi kukaMasipala wasekhaya uMzumbe eNingizimu yeKZN eziphume ngobuningi bazo seziveze ukuthi njengoba zizovota ingoba zifuna ushintsho kuhulumeni.

Lezi zakhamuzi ezindala zithi zivuke ngovivi zilangazelele ukuthi zikhethe uhulumeni ezikholelwa ukuthi uzokwazi ukufeza izidingo zomphakathi, ikakhulukazi ukushoda kwengqalasizinda ezindaweni ezisemakhaya.

Izwe lakuleli libambe ukhetho lwehlandla lwesikhombisa selokhu kwaqala ukhetho lwango 1994.

Izakhamuzi ke seziqalile ukutheleka ezikhungweni zazo zokuvota kanti ezinye zibonakala zigqoke imifaniswano yamaqembu eziwesekayo.

Zikhuluma nezindaba zeGagasi FM sezibeke kanje.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background