Skip to main content

Noluthando Mchunu

Ungqongqoshe wakwa Cogta kuzwelonke uVelenkosini Hlabisa, uthi uhulumeni uzoqhubeka nokutshala izimali ezinhlelweni zezobuchwepheshe, ikakhulukazi lezo ezizosiza ukuthi izwe likwazi ukubhekana nezinhlekelele.

UHlabisa ubekhuluma engqungqutheleni edinginga ngokusebenza kobuchwepheshe ukubhekana nezinhlekelele,  i- Drones, AI and GIS for Disaster Risk Management, ebibanjelwe eMhlanga enyakatho yeTheku.

Njengoba sekusondele ihlobo, iNingizimu Africa isixwayiswe ngesimo sezulu i-El Nino nesingase sidale ukushisa ngokweqile, nemlilo yequbula kunciphe nezimvula, okungahle kudale isomiso.

UHlabisa ke uthi ukutshala izimali kwezobuchwepheshe akusho ukuthi bazovalela ngaphandle lezo ezithinta inhlalakahle yomphakathi.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaHlabisa…

“Our investments in technology must also become and investment in people, as we advance in investing in technology, we must also advance in investing in human beings,” kusho uHlabisa.

Uqhube wathi, “We should use this emerging hill to develop local capacity, create opportunities for young people and support entrepreneurs and emerging technology enterprises.”