Kuqhakambiswe Ukulwisana Nokungalingani Kwezobulili
Written by Mfundo on 18 March, 2024
By: Pamella Majola
USomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa Nqakula, usegcizelele ukubaluleka kwamalungelo abantu besifazane.
UMapisa Nqakula usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni yamalungelo abantu eqhubeka eBolksburg eGauteng.
Uqhuba ngokuthi ukungalingani kwezomnotho okubhekene nabesifazane esikhathini la udlame olubhekiswe kubo lusephezulu kungezinye zezingqinamba ezisabhekene nalelizwe.
UMapisa Nqakula usenxuse ukuthi kube nokubambisana ukuze ke ukulwisana nokungalingani kwezobulili, igebe lemiholo phakathi kwabesifazane nabesilisa kanye nezinye izinselelo ezibhekene nabesimame.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.