Kusale 3 enkundleni kwalimala nephoyisa kuqhuma isibhamu eMlazi.

Written by on 2 August, 2024

By: Xolani Khumalo

Sekudutshulwe kwalinyazwa iphoyisa kwathi abalisa ekade besolwa ngokuduna imoto bona basala enkundleni.

Kulesigameko amaphoyisa abejaha abasolwa abadune imoto yowesimame ongumshayeli we-Uber.

Imibiko ihlongoza ukuthi lo wesimame ukhonjwe ngesibhamu wakhishwa emotweni yakhe kwa-R khona eMlazi.

Labasolwa bavalelwe ekhoneni amaphoyisa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, nokuyilapho nawo eziphindeselele khona.

Iphoyisa elilodwa lidubuleke engalweni, kanti abasolwa abathathu bashonela khona lapho endaweni yesigameko.

Okhulumela abakwasidlodlo eKZN uRobert Netshiunda, uthi kulabasolwa kutholwe izibhamu ezintathu kanti isisulu ebesidunywe imoto sona sisale singenamyocu nemoto yaso yatholakala.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background