Kusolwa USomlomo WasoLundi Engozini Edlule Nomphefumulo

Written by on 27 September, 2023

Dawud Phungula

Umndeni wakwaNkabinde, Olundi, enyakatho neKwaZulu-Natal uthi ufuna ubulungiswa ngemuva kokushona kwendodana yawo eshayiswe imoto kaMasipala Wasolundi.

UThandolwethu Nkabinde onemnyaka engu-20 ubudala ushonele endaweni yesigameko ngoLwesine olwedlule lapho eshayiswe khona imoto ebihamba ngesikhulu isivivini ekusolakala ukuthi ibishayelwa uSomlomo waloMasipala, uSenzo Buthelezi.

Ubaba kaThandolwenthu, uThuba Nkabinde, uthi ufuna izimpendulo kanti nothintekayo kulokhu akhalelwe ngamasongo kasigonyela.

Uthi okumcika kakhulu ukuthi ngemuva kwalesisgameko umshayeli washaya wachitha, wahamba wayoyifihla imoto ehhovisi likaMasipala kanti ke kwabe sekuqanjwa amanga kwathiwa imoto ibishayelwa unogada kaSomlomo.

Ekhuluma nezindaba zegagasi FM usho kanje.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

LoMasipala usukhiphe istatimende uzwakalaisa ukuzwelana nomndeni wakaNkabinde.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background