Kuxwayiswa Ngezimvula Ezinamandla Ezilindelekile

Written by on 7 March, 2024

By: Xolani Khumalo

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usuxwayise imiphakathi ikakhulukazi esenyakatho neKwaZulu-Natal kanye nezindawo ezimaphakathi naso ngezimvula ezilindelekile.

Bathi-ke lezimvula ezihlonzwe zaba sesigabeni sika-Level 2, nezilindeleke namhlanje ntambama kuze kube isebusuku zingase zidale izinhlekelele.

Umnyango uthi ngokusho kwabaqaguli besimo seZulu lezimvula zizobe zihambisana nomoya onamandla ovunguzayo, umbani, isichotho nakungase-ke kucekele phansi ingqalasizinda kulimaze  nemfuyo.

Okhulumela umnyango, uSboniso Mngadi, uthi umnyango usuhlelile ukuthi kuvulwe amahholo ezindawo ekulindeleke ukuthi zithikamezeke ukuze abantu bakwazi ukuyokhosela kuwo.

Nangu-ke uMngadi esho izindawo ezizophazamiseka.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background