By: Xolani Khumalo
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usuxwayise imiphakathi ikakhulukazi esenyakatho neKwaZulu-Natal kanye nezindawo ezimaphakathi naso ngezimvula ezilindelekile.
Bathi-ke lezimvula ezihlonzwe zaba sesigabeni sika-Level 2, nezilindeleke namhlanje ntambama kuze kube isebusuku zingase zidale izinhlekelele.
Umnyango uthi ngokusho kwabaqaguli besimo seZulu lezimvula zizobe zihambisana nomoya onamandla ovunguzayo, umbani, isichotho nakungase-ke kucekele phansi ingqalasizinda kulimaze nemfuyo.
Okhulumela umnyango, uSboniso Mngadi, uthi umnyango usuhlelile ukuthi kuvulwe amahholo ezindawo ekulindeleke ukuthi zithikamezeke ukuze abantu bakwazi ukuyokhosela kuwo.
Nangu-ke uMngadi esho izindawo ezizophazamiseka.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/2ZR0nBWxXnNVM5&podcast_id=2a50ecc3-d6d2-4325-8f20-e4040149b402″ width=”100%” height=”200″]



