Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Aseqalile ukusebenza amahhovisi omnyango wezaseKhaya angomahamba nendlwana ezifundazweni ezahlukene kuleli.

UNgqongqoshe waloMnyango u-Aaron Motsoaledi uthiĀ  lokhu kuyingxenye yokusondeza izinsiza zikahulumeni eduze nomphakathini.

Uthi lamahovisi azolekelela ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, nalapho abantu behamba khona amabanga amade ukufinyelela ezinsizeni zikahulumeni.

UMotsoaledi uqhuba ngokuthi nangosuku lokhetho wonke amahhovisi alomnyango azobe evuliwe ukulekelela labo abazolanda omazisi babo kumbe abalahlekelwe yibo.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/MXWqWZQx1yMN6R&amppodcast_id=42fe6f00-c8a7-45bf-bd3f-9ad06f64d6d9″ width=”100%” height=”200″]