By: Xolani Khumalo
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, namuhla usenikeze abantu abawu -200 izincwadi ezigunyaza ukuthi sebengaqala ukuqeqeshelwa umsebenzi wokuba ngamaphoyisa omgwaqo.
Umnyango uhambele eRTI Traffic Training College ePietermaritzburg lapho okubanjelwe khona lomcimbi wokunikezela ngalezincwadi.
Laba abangu-200 kulindeleke ukuthi beqale kuwo lonyaka ukuqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.
Kanti besekuphele iminyaka engu-8 kwagcina ukuqashwa kuloluphiko lwamaphoyisa omgwaqo.
Owomnyango okhulume neGagasi FM uThando Biyela uthi ukuqashwa kwalaba abazoqeqeshwa kwenzeka ngaphansi kohlelo lomnyango luka S’thesha Waya Waya.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Q5Z7Mr2mPZMpm7&podcast_id=f9c3392d-50f3-4c27-b45c-209d71923a92″ width=”100%” height=”200″]