Kwengezwe AmaPhoyisa Kudutshulwa 5 eRichards Bay
Written by Mduduzi Phungula on 22 September, 2023
By: Xolani Khumalo
UNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, uthi unethemba elikhulu lokuthi ukwengezwa kwamaphoyisa kuzosiza ukuletha ukuthula kuMasipala waseMhlathuze enyakatho yesifundazwe.
Ukwengezwa kwamaphoyisa kulandela ukuthi amadoda angaziwa edubule abulala abantu abangu-5 ngaphandle kwenxanxathela yezitolo eRichards bay.
Abantu abangu-4 balaba bashonele khona endaweni yesigameko kwathi owesihlanu washonela esibhedlela.
Kanti kumanje sebebabili asebeboshwe ngezinsolo zokuba nesandla kulesisigameko.
Oyisikhulumi somnyango uThando Biyela uthi basola ukuthi lesisigameko sihlobene nombango ophakathi kwabadayisi bezidakamizwa kuleyandawo.