“Akukho Okuzoshintsha Ngokukhothama KukaShenge”- Mkhuleko Hlengwa

Written by on 19 September, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Oyilungu lephalamende, uMkhuleko Hlengwa, uthi iqembu le-IFP lihlangene futhi likulungele ukuya okhethweni ngonyaka ozayo.

UHlengwa usho kanjena nje, kunemibuzo nemibiko ehlukene evela kubahlaziyi bezepolitiki mayelana nokuthi kuzokwenzakalani nge-IFP kulandela ukukhothama komsunguli wayo uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

U Hlengwa uthi kuningi osekushiwo kwaphinde kwahlaziywa ngeqembu lakhe, kodwa konke lokhu kuyizinkulumo ze njengoba ethi uButhelezi ushiye ebafundisile indlela okumele baqhube ngayo.

Usegcizelele ngokuthi bezoqhubeka ke benze ngendlela abancela ngayo ulwazi kuMntwana.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background