By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSipho KK Nkosi, uthi kuyinto ebalulekile ukuthi njengomnyango bangezwa ngabantu kodwa bazibonele baphinde bazihlolele ukuthi ngabe izinhlelo zomnyango zihamba ngendlela efanele yini.
UNkosi usho kanje ngenkathi ehambele indawo yase Trusteed ngaphansi kukaMasipala wesifunda uMshwathi phakathi nesifundazwe ukuhlola ukuthi ngabe uhlelo lokwakhela izindlu omakadebona bombutho wezimpi luhamba kanjani.
Kumanje zingu-80 izindlu ezakhiwayo nezizohlala labo ababengamasosha enkululeko kanti uNgqongqoshe uNkosi ube esenxusa ukuthi okungenani ngo-December, lezindlu zibe seziqediwe ukwakhiwa.
UNkosi uthi lolu hlelo luyingxenye yezethembiso uhulumeni azenza emasosheni.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/M0MDpnQnNNxRn4&podcast_id=fb9b1354-041a-4764-8717-6cae70e807eb” width=”100%” height=”200″]