Owezomthetho Uthi Ingase Ibe Senkingeni I-MK

Written by on 15 March, 2024

By: Pamella Majola

Oyisazi sezomthetho, uMpumelelo Zikalala, uthi iqembu lezepolitiki uMkhonto weSizwe Party lizozibona lisenkingeni nezomthetho uma abaholi balo bengashintshi ukwenza.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi umholi wophiko lwentsha yaleliqembu, uBonginkosi Khanyile, esabise ngokuthi uma loyo owayengumongameli wezwe uJacob Zuma engekho ohlwini lwabazovotelwa ngokhetho lwamhlaka 29 May kuzosuka omkhulu umsindo.

UKhanyile owaduma njengesishoshovu se-Fees Must Fall, nokumanje ungaphandle ngebheyili ka-R5000 kulandela ukuboshelwa izinsolo zokuphehla udweshu olwaholela ezibhelwini zango-July 2021 usephinde wasonga nangokuthi uma leliqembu kwalona lingabonakali kwi-ballot paper ngeke luze lube khona ukhetho.

Ekhuluma nezindaba zeGagasiFM uZikalala uthi lokhu kuzobonakala njengokuqala udweshu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background