Skip to main content

By: Xolani Khumalo

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, uthi kubalulekile ukuthi abantu bakulesifundazwe bakhululwe ebugqileni bomlando obakhumbuza izikhathi zobandlululo.

Uphawule kanje egcizelela ukubaluleka kokushintshwa kwamagama ekuqanjwe ngawo izakhiwo zikaHulumeni.

Inkulumo kaSimelane iza emva kokuqanjwa kabusha kwesibhedlela esikhulukazi esiseThekwini iKing Edward, ebesibizwa ngokuthi iVictoria Mxenge Hospital.

Ekhuluma emcimbini wokwethula leligama ngokusemthethweni uSimelane, uthi bekunesidingo sokuthi lokhu kwenzeke ukuze umlando wabazabalaza ungacisheki.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/78rG9zqBXMZw3N&amppodcast_id=07648da0-c779-4077-926c-b191cbcc6008″ width=”100%” height=”200″]