Sesengeziwe Isikhathi Sokuholwa Kwesibonelelo Sabangasebenzi

Written by on 2 November, 2023

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana useqinisekise izakhamuzi ukuthi nakanjani labo abahola imali yesibonelelo sabantu abangasebenzi basazoqhubeka nokuyihola lemali esinye isikhathi esingangonyaka.

Uthi sekubekwe eceleni u-34-million wamarandi ukuze kwelulwe isikhathi sokuholwa kwalesibonelelo.

UGodongwana udalule lezindaba ephalamende ngesikhathi ethula isabelo mali, sekota yokugcina yonyaka.

Lesimemezelo besilindelwe kakhulu yilabo abahlomula ngalemali ukuxosha ikati eziko njengoba bese kusele isikhashana lume loluhlelo.

UGodongwana usebeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background