“Siyazama Ukulwa Nobugebengu ePietermaritzburg”- Mzi Zuma

Written by on 4 October, 2023

By: Nompendulo Ngubane

UMeya kaMasipala wesifunda uMgungundlovu, uMzi Zuma, uthi uzama ukulwa nodlame, ubugebengu kanye nesihlava esidlangile sokubulawa kwamakhansela ePietermaritzburg.

Uthi banethemba lokuthi ukunyathela kweNkosi YamaNazaretha uNyazi Lwezulu kulendawo kuzowenza umehluko.

UZuma usho kanjena nje inkosi yamaNazaretha ihambele kulelidolobha ukuzoletha umkhuleko kanye nezibusiso ngenhloso yokuthi kube nokuthula, kwehle nezinga lobugebengu.

UMeya uZuma uthi ukusebenzisana phakathi kwabaholi namabandla kuyinto ebalulekile kanti bazimisele ukuthi kuqhubeke minyaka yonke.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background