U-Williams usebe iqhawe le-Bafana ingena kwi-semi-final ye-Afcon.
Written by Ayanda Nyuswa on 4 February, 2024
By: Simtho Dladla
URonwen Williams usebe yiqhawe leBafana Bafana ngesikhathi evimba ama penalty amamane ukuze iBafana Bafana idlulele kwi-Semi-Finals e-2023 Africa Cup of Nations.
Umdlalo uphele ngo-0-0 sekufake nesikhathi esengeziwe ukuze iBafana inqobe ngo-5-3 bebhaxabula i-Cape Verde. U-Bebe, Willy Semedo, Laros Duarte and Patrick Andrade bahlulekile ukuvalela phaklathi amapenalty eCape Verde kanti uTeboho Mokoena kanje noMothibo Mvala abavalele phakathi amagoli eBafana.
Lomphumela usiqinisekisile ukuthi elakuleli lizothola ithula lokuziphindiselela kwi-Nigeria ngoLwesithathu kusihlwa kwazise bakhishwa iyona emqhudelwaneni ofanayo ngonyaka ka-2000. Sekuphele iminyaka engu-24 iBafana yagcina ukudlulela kuma-Semi-finals alomqhudelwano kwazise bagcina ngawo unyaka ka-2000 kanti baleliqembu bazimisele ukudlulela kowamanqamu ngaphansi komqeqeshi u-Hugo Broos.
U-Williams uhlulekile nokuchaza ngenjabulo abanayo njengeqembu ukudlulela esigabeni esilandelayo kanti uthi lomphumela ingenxa yokubambisana kwabadlali nabaqeqeshi kuleliqembu.
image: Getty
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.