Ubuhixihixi EPosini Sebuphazamise Ukuholwa Kwemali Yempesheni

Written by on 6 September, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Sekuphazamiseke ukuholwa kwezibonelelo zakwa-Sassa ngemuva kokuthi ibhange lombuso i-Postbank lihlangabezane nezinye futhi izinkinga zobuchwepheshe.

Lezi zinkinga ziholele ekutheni abahlomula izibonelelo zakwa-Sassa bangakwazi ukukhipha izimali zabo kuma-ATM nasezitolo namuhla.

Lokhu kuzophazamisa nalabo abahola isibonelelo sabangasebenzi sika- R350.

Esitatimendeni esikhishwe ileli bhange lithi ochwepheshe bakhona basebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi luyaxazululwa lolu daba nabahlomula lemali bagcina beyitholile

Khonamanjalo Oyilunga lekomidi lezokuxhumana ePhalemende uNatasha Mazzone uthi sekukanini besala benkemile abahlomuli imali yezibonelelo zikahulumeni ngenxa yokungahleleki kwe-Posi noPost bank


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background