Skip to main content

Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu eKZN uThulasizwe Buthelezi uthi ibanga likaMatric libalulekile kakhulu empilweni yomuntu.

Ubekhuluma emcimbini we-5th Annual Youth Development Programme nobubanjelwe enkundleni yezemidlalo i-Curries Fountain eThekwini.

Loluhlelo luhlanganisa abafundi abavela ezikoleni ezahlukene kanye nezimboni ezizimele ukubaluleka ngemikhakha abangakhetha kuyona uma sebephothule amabanga aphezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekusele izinsuku ezingaphansi kuka-90 ngaphambi kokuthi kubhalwe izivivinyo zikaMatric zokuphela konyaka.

UButhelezi utshele abafundi ukuthi begxile ezifundweni zabo bangavumi ukuphazamiseka futhi bazi ukuthi ibona abaholi bakusasa.