By Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu eKZN uThulasizwe Buthelezi uthi umnyango uzoqhubeke usebenzisane nosomabhizinisi basezimbonini ezizimele ukuqinisekisa ukuthi zonke izisulu zezinhlekelele ziyasizakala.
UButhelezi ubekhuluma eMbumbulu eningizimu yeTheku emva kokunikezela ngezindlu emndenini emibili eyakhahlamezeka ngesikhathi sezikhukhula eMlazi ngonyaka odlule.
Uthi njengoba isifundazwe sibhekene nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu nokuhlasele umhlaba wonke… njengoHulumeni abakwazi kusiza wonke umuntu ngakho bayaludinga uxhaso..
UButhelezi usezibophezele ekutheni umnyango uzosibuyisa isithunzi kanye nesidima sabantu abayizisulu zezinhlekelele esifundazweni.



