By: Bright Ntuli
UNdunankulu waKwaZulu Natal, uNomusa Dube-Ncube, usesigxekile isenzo sokuhlukunyezwa kwabantu abadala ngoba besolwa ngokuthakatha.
UDube Ncube usho kanje ngenkathi ehambele umcimbi wokubungaza ogogo nomkhululu esifundeni uMkhanyakude enyakatho yesifundazwe.
Uqhuba ngokuthi kuyichilo ukuthi kube khona abantu abadala abathola ukuhlukumezeka, basolwe ngokuthakatha ekubeni benezifo eziphazamisa ingqondo, nokubalwa kuzo idementia ne-alzheimer.
UNdunankulu usephinde waxolisa ke nangokubambezeleka kokuholwa kwezimpesheni okwenzeke ngenyanga eyedlule.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/BZvyBK9G4QrL6v&podcast_id=69ad3fae-0720-41c2-b0ae-022596680b80″ width=”100%” height=”200″]