Njengoba izwe ligubha inyanga yezokuphepha kukagesi, inkampani kagesi uEskom isinxuse abahlali ukuthi babike ngokushesha ngogesi oxhunywe ngokungemthetho, izintambo ezihleli obala, ingqalasizinda kagesi eyonakele kanye nezinye ezinto eziphathelene nogesi ezingaba yingozi.
UEskom uthi cishe sezibe ngu-200 izigameko ezithikameza ukuphepha komphakathi okuhlobene nogesi. Okhulumela uEskom, uDaphne Mokwena usegcizelele ngokuthi ukuxhunywa kukagesi ngokungekho emthethweni kanye nezintambo ezivele obala, akugcini nje ngokwephula umthetho, kodwa kuphinde kubeke impilo yabantu engcupheni.
Okhulumela uEskom, uDaphne Mokwena uyachaza, “We remain concerned that many more incidents may go unreported where communities protect illegal connections responsible for many of these hazards.”
Lalela inkulumo ka Mokwena ngezansi




