Uhulumeni E-KZN Usemkhankasweni Wokulwisana Nezidakamizwa

Written by on 20 September, 2023

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi  KwaZulu-Natal uNonhanhla Khoza uthi njengoHulumeni sebeqalile ukuhambela izindawo ezahlukene ukulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

UKhoza uthi ngemuva kokubona ukwenyuka kwezinga lezigameko eziwumthelela wezidakamizwa uNdunankulu wesifundazwe uNomusa Dube Ncube, ube esekhipha umyalelo wokuthi kuliwe nalesihlava.

Usekhulume kanje ngemuva kokuhambela indawo yakwaMbonambi enyakatho yesifundazwe lapho kade kungcwatshwa khona owesifazane odlwengulwe wabulawa yisoka lakhe maqede lamgqiba emgodini omfushane ngasendaweni yokucima ukoma.

UKhoza uthi izindazwo ezisemakhaya nazo ziyingxenye yalomkhankaso njengoba nazo zibonakala zihlaselwe isihlava sezidakamizwa ezahlukene okubalwa nophuzo oludakayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background