UKaunda Uthi Uyayilungisa Eyesiteleka Sabasebenzi

Written by on 5 March, 2024

By: Nompendulo Ngubane

UMasipala weTheku uthi isiteleka sabasebenzi abangaphansi kwenyunyana i-South African Municipal Workers’ Union (SAMWU) sesiphazamise nokusebenza kweminye yemitholampilo nokumanje esivale thaqa.

IMeya kaMasipala, uMxolisi Kaunda, ekhuluma nabezindaba uthi lesisteleka esingagunyaziwe sesidale omkhulu umonakalo kuleli dolobha sakhahlameza nomnotho.

Kanti uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uNomsa Dube-Ncube uthi abomthetho sebengenelele kulokhu ngokuthi baqaphe isimo.

UKaunda uthi bafisa liphele lelisonto kube sekunozinzo.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background