Ukhala ngokungabibikho kwabadlali abamqoka uRhulani Mokwena bekhiswa kwi-Carling Knockout.

Written by on 19 October, 2023

By: Simtho Dladla

Umqeqeshi we-Mamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena uthi ukungabibikho kwabadlali abamqoka kuleliqembu kube nomthelela omkhulu ekutheni iqembu lakhe likhishwe emqhudelwaneni we-Carling Knockout.

iSundowns isikhishwe iTS Galaxy kulomqhudelwano kulandela ukushawa ngo-5-4 sekukhahlelwa amapenathi emdlaweni obuseMbombela Stadium. URhulani uye kulomdalo ngaphandle kukanozinti uRonwen Williams, Khuliso Modau, Grant Kekana, Mothobi Mvala, Aubrey Modiba,Teboho Mokwena kanye no-Themba Zwane abekade beyingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana ebeliye e-Ivory Coast.

Nakuba beqale kabi ngesigamu sokuqala salomdlalo belandela ngemumva ngamagoli amabili eqandeni kodwa Amasandawane akwazazile ngesigamu sesibili babuye bashaye amagoli abayise esikhathini esengeziwe nokuholele lomdlalo uphele sekukhahlelwa amaphenalthi.

U-Mokwena ubefisa ngathi umdlalo wabo ne-TS Galaxy ungahlehliselwa olunye usuku njengoba iningi labadlali bakhe bebengekho nokwenza leliqembu liye kulomdlalo lixhuga.

”Ubani onendaba ukuthi ulandela ngemumva ngamagoli amabili eqandeni udlala nabadlali abayishumi’

”Ubani onendaba ukuthi udlala ngakusasa, ngicela ungitshele iqembu elilodwa nje emhlabeni elake ladlala umdlalo ngosuku olilandela ikhefu leFIFA.”

”Ubani onendaba ukuthi umdlalo wonyaka ovelele akekho la, unozinti wonyaka ovelele akekho la, ubani onendaba ukuthi isiqongwane somdlali wasemumva wonyaka ovelele akhekho la, ubani onendaba?”

image: Mamelodi Sundowns website

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background