UMasipala WaseMgungundlovu Uthembisa Ukubambisana Namakhosi

Written by on 26 April, 2024

By: Nompendulo Ngubane

IMeya kuMasipala wesifunda uMgungundlovu, uMzi Zuma, uthi bazobambisana namakhosi ukuqapha ukuthi abantu abavunyelwa ukuhlaliswa ezindaweni ezingaba nobungozi uma kuhlasela izikhukhula.

Ukusho lokhu njengoba abe-South African Weather services beqhuba umkhankaso wokuqwashisa imiphakathi ngezinhlekelele kulelisonto eThembalihle eMgungundlovu maphakathi nesifundazwe.

Lesi sifunda singezinye sezifunda ezintathu kuleli ezihlonzwe yile nhlangano ukuthi yenze ucwaningo ngezindlela zokubhekana kangcono nezinhlekelele.

Kwenzeka lokhu nje lesi sifunda sinomlando wokuba nezinhlekele ezishiye umonakalo omkhulu emiphakathini nakwingqalasizinda kuleminyaka edlulele.

UZuma uthi bewuMasipala bayazamukela izinhlelo zokufundisa nokuqwashisa ngesimo sezulu ngoba zizonciphisa umonakalo odalwa izinhlekelele ziphinde zilekele nemiphakathi ukuthi iphephe.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background