Skip to main content

Pamella Majola

UMkhandlu kaMasipala waseBaqulusini enyakatho yeKZN uthi ukubekwa eqhulwini kokulethwa kwezidingo zomphakathi kuzoba ngumgogodla womsebenzi wobuholi obusanda kuqokwa obuzosebenza iminyaka emihlanu ezayo.

USifiso Mkhwanazi usebuyele esikhundleni sobuMeya ihlandla lesibili uthi kuyamthokozisa ukwazi ukuthi umsebenzi abesewuqalile ukuwenza ..usazoqhubeka nawo.

Lomkhandlu uqoke uZwelakhe Shelembe njengoSomlomo kanti uSakhayedwa Siyaya yena uqokwe njengeSekela likaMeya.

UMkhwanazi uthi usemningi umsebenzi osamele wenziwe, okubalwa kuwo ukuqedelwa kokulungiswa kwemigwaqo kanye nokuphothulwa kwebhuloho elisendaweni yaseBhekuzulu.

“Ngiyaqinisekisa ukuthi akukho la ekuzophazamiseka khona izinhlelo zentuthuko kepha ukunalokho sizohlaba ngegiya elishesha kakhuluukuba sithuthukise izimpilo zabantu bakithi,” kusho uMkhwanazi.

UMkhwanzi uphinde wagcizelela ukubaluleka kokubambisana kwamaqembu ahlukahlukene ukuze umkhandlu usebenze kahle.

“Esizokwenza okukhulu kakkhulu ukuthi sibumbe amaqembu onke ukuba ahlangane, kuneqembu le MKP ekuyiqembu elisha ngokuka hulumeni wasekhaya, kade bekhona namhlanje and ngijabula kakhulu ukuthi baziphathe lahle,” kusho uMkhwanazi.

UMkhwanzi uphethe ngokuthi i-IFP angeke isebenzisane namaqembu ebambisene nawo kuhulumeni kuphela kepha izimiselele ukusebenzisana namaqembu aphikisayo njenge ANC.