Skip to main content

Pamella Majola

UMeya omusha womkhandlu kamaspala waso-Khahlamba entshonalanga yesifundazwe uEugine Hadebe weMK Party uthi uzogxila ekuthuthukisweni komnotho, ekudalweni kwamathuba emisebenzi nasekuthuthukisweni kwentsha.

Uthi uhulumeni wendawo uzosungula izinhlelo zokuthuthukisa amakhono entsha, aphinde akhuthaze abantu ukuthi bangene kwezamabhizinisi.

UHadebe uthi enye yezinselelo ezinkulu ezidinga ukulungiswa ukushoda kwamanzi, kanye nesimo semigwaqo edinga ukunakekelwa.

Uthi uzoqinisekisa ke ukuthi izakhamuzi zaso-Khahlamba zibekwa eqhulwini uma kuziwa ngasemathubeni emisebenzi nawamabhizinisi ukuze wonke umuntu azuze ngokulinganayo.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaHadebe…

“Esifisa ukuk’bona kakhulu kushinstha kulomkhandlu wakithi amathuba emisebenzi. Sifisa ukwakha ama Youth Development Programes. Sifisa intsha ingene kosomabhizinisi, sifisa ukubona umnotho wakithi lapha oKhahlamba uthuthuka,” kusho uHadebe.

UHadebe uphinde wagcizelela ekutheni enye yezingqinamba ezinkulu umkhandlu obhekene nazo ukusweleka kwamanzi.

“Sifisa ukubona abantu bakithi bethola amanzi, kune challenge enkulu la oKhahlamba yamanzi, sifisa ukugxila kakhulu entweni yamanzi,” kusho uMeya omusha wasoKhahlamba.

UHadebe uphinde waveza nokuthi ufisa ukugxila ekulungiseni isimo semigwaqo kanye nokucaza amathuba ngokulingana phakathi kwabantu bakulomkhandlu.