Skip to main content

Noluthando Mchunu

Umeya kamasipala weTheku uCyril Xaba usekuqinisekisile ukuthi akukho okuzophazamisa izinhlelo zomkhandlu mayelana nohlelo lwamabhasi eGo Durban.

UXaba ubekhuluma emva kokuvula ngokusemthethweni umzila i-Eleventh Avenue Interchange eClermont eNtshonalanga yeTheku, njengoba loluhlelo lwamabhasi kulindeleke ukuthi luqale ngoDecember.

Lomzila uzobe uhlanganisa iPinetown kanye neBridge City eNanda enyakatho ye Theku. uMeya usekuvezile nokuthi lomsebenzi ubize umkhandlu imali engaphezu kuka 300 million wamarandi.

UXaba uthi yize loluhlelo lubenokubambezeleka kodwa kuningi abakufundile nabazokulungisa ukuze luqale kahle ngoDecember.

“So during construction we have opened an access of over 60 jobs. It happened over 24 months and there was a delay. Lastly due to unpredictability when it came to grant allocation but when that uncertainty was cleared, It then opened a way for us to finalise this construction,” kuchaza uXaba.

UMeya weTheku uCyril Xaba ethula umzila wokuqala wohlelo lwamabhasi eGo Durban

Ngokuka masipala weTheku, eminye imizila yesigaba sokuqala okubalwa kuyo ezobheka maphakathi nedolobha iTheku, izoqala ukusebenza ngonyaka ka2027.

Umasipala uhlele nokuthi phakathi kuka December 2027 no March 2027 uhlanganise ezinye izinhlelo zawo zamabhasi esezisebenza ne Go Durban.

Lalela uzwi lika Xaba ngezansi…