Skip to main content

Noluthando Mchunu

Ukhomishana wamaphoyisa Kwa-Zulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi usenxuse amaphoyisa azobe esebenza ngosuku lokhetho kusasa ukuthi ahloniphe umsebenzi wawo futhi angenzi izinto eziphambene nomthetho.

UMkhwanazi ubekhuluma emcimbini wokuvalelisa amaphoyisa ajutshwe ezindaweni ezahlukene zesifundazwe ukuyoqapha isimo njengoba kusasa kuzobanjwa ukhetho lohulumeni basekhaya.

Angaphezu kuka 18 000 amaphoyisa azobe esebenza kuzozonke izifunda eKZN navela ezinhlakeni ezahlukene okubalwa namaphoyisa kamasipala kanye namasosha.

UMkhwanazi usephinde waxwayisa amaphoyisa ukuthi angazibandakanyi ezintweni  ezingalungile nezizowenza alahlekelwe yisithunzi emphakathini.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMkhwanazi…

“For those that might think they can take time to indulge on illegal substances and liquor, and we find you. We are not only going to dismiss you, but there might be criminal proceedings against you,’ kusho uMkhwanazi.

Ukhomisana uphinde wacacisa nokuthi iphoyisa elizizwa engathi alinaso isiqiniseko sokuthi limi ngaphi kwalomyalezo, lingaphuma emaphoyiseni lungene abanye.