Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usudlulise amazwi enduduzo emndenini wezingane ezingu-4 ezishone engozini yemoto eGroenvlei enyakatho yesifundazwe.

Lengozi kubikwa ukuthi yenzeke ezintathakusa ngesonto ngesikhathi lezingane zibuyela emakhaya emva komshado obungempelasonto.

Kanti ezinye ezingu-11 kubikwa ukuthi zilimale kanzima zaphuthunyiswa ezibhedlela.

Imibiko iveza ukuthi lezingane beyizingxenye yeqembu lendlamu ebeliyogida emshadweni.

Oyisikhulumi soMnyango, uMuzi Mahlambi, uthi uNgqongqoshe waloMnyango, uMbali Frazer, usezwakalise okukhulu ukudumala ngokudlula emhlabeni kwalabantwana.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/xN7DM0GnNL45V&podcast_id=fcfd6c65-f4ff-43e9-b4c2-e46ad6290c07″ width=”100%” height=”200″]