Noluthando Mchunu
Undunankulu waKwa-Zulu Natal uThami Ntuli uthi ukuthuthuka kwemboni yezokuvakasha esifundazweni kudala nokuthi abantshalizimali bengahambeli kude, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu.
UNtuli ehambisana noNgqongqoshe wezokuvakasha kuzwelonke uPatricia De Lille bebeyingxenye yokuvulwa ngokusemthethweni kwe- Club Med South Africa eBallito enyakatho yeTheku.
Kulendawo, kunezindawo zokuhlala zikanokusho kanye nezokungcebeleka eziseqophelweni eliphezulu.
UNtuli uthi ukwanda kwezindawo zaloluhlobo kwenza kwenyuke nesibalo sezivakashi ezehla esikhumulweni sezindiza iKing Shaka eThekwini zingabe zisaya kude, kodwa zikwazi ukujabulela izindawo eziseduze nolwandle.
UNdunankulu ubonge abakwa Club Med SA ngeqhaza abalibambayo ekuthukiseni umnotho wakwaZulu Natal nasekwakheni amathuba emisebenzi.
“Emndenini wakwaClub Med South Africa, ngithanda ukudlulisa ukubonga okusuka ezinhliziyweni zabantu bakithi ngotshalomali enilwenzile esifundazweni sethu.”
Uqhube wathi,”Isinqumo senu sokutshala imali kule ngxenye yomhlaba sithumela umyalezo emhlabeni wonke wokuthi isifundazwe sethu kanye nezwe lethu akugcini nje ngokuvuleleka kwezebhizinisi, kodwa futhi kuyizindawo okufanele kutshalwe kuzo futhi kwenziwe kuzo ibhizinisi,” kusho uNtuli.
NgokukaNgqongqoshe u-De Lille, ukwakhiwa kwalendawo kuthathe u R2 Billion, okuphinde kwadala namathuba emisebenzi amaningi kwabebeyingxenye yokwakha lezindawo.
UNtuli uvale ngokuchaza ukuthi loluhlelo lusho lukhulu kangakanani kubantu bakulesifundazwe.
“Umtshalomali wenu alukhona nje ukusetshenziswa kwezimali ngokwakha izakhiwo ezinhle, lunakekela izitshalo nezilwane zethu, kanye nokufaka isandla ekuthuthukisweni kwemiphakathi yethu, ninweba isandla esinika abantu amandla namathuba.”




