Unethemba le Bail ummeli wowayengumsizi ka-Ace Magashule.
Written by Tawanda Luwo on 12 August, 2024
By: Zilungile Mkhize
Ummeli kaloyo owayengumsizi ehhovisi lika Ace Magashule uMaradi Cholota uthi unethemba lokuthi ikhasimende lakhe lizoyithola ibheyili.
uCholota uvele kafushane namuhla enkantolo kamantshi eBloemfontein.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwakulindeleke ukuthi abe ngufakazi wombuso oqavile ecaleni lenkohlakalo ethinta ithenda lezigidi zamarandi lokukhishwa ko Asbestos ezindlini zabantu eFree State, ngaphansi kuka Magashule esanguNdunankulu wakhona.
Ngemuva kokugonyuluka ngezihloko ezahlukene kuState Capture commission, uCholota wangenwa ngamanzi emadolweni wangaphinde wabuyela kulelizwe ezokwethula ubufakaza.
Ummeli wakhe uPiet Tabani uthi kumele aphathwe ngendlela efanele futhi akangabazi ukuthi uzodedelwa ngebheyoli kusasa.
Amalungu omphakathi angaphezu kuka 50 asephindiselwe emuva emtholampilo iMasons endaweni yase Copesville ePietermaritzburg maphakathi nesifundazwe ku Ward 29, ngenxa yokuthi lo mtholampilo awunabo abahlengikazi kanti uvalwe thaqa.