uNtuli unxusa uhulumeni ukuthi usebenzisane ngokuqeda udlame.
Written by Mfundo on 5 August, 2024
By: Nompendulo Ngubane
U Ndunankulu wesifundazwe uThami Ntuli usenxuse wonke amaqembu ezepolitiki ukuthi asebenze ngokubambisana ukulwa nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane.
U Ntuli usho kanje njengoba inyanga u August ibungazwa njengenyanga yabantu besifazane kuleli lapho kuye kube nemikhankaso kuphinde kudluliswe nemiyalezo ekhuza izigameko zodlame olubhekiswe kubantu besifazane.
Undunankulu uthi yize uhulumeni ubuswa ngokubambisana kwamaqembu ahlukene ngakho kumele kube nobumbano olufanayo ukukhuza izenzo zodlame.
U Ntuli ubeke kanje:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.