Usomahlaya uJoshua Mbele, odume ngelika Pastor Mjosty, uthi unethemba lokuthi yena nomndeni wakhe bazobuthola ubulungiswa ecaleni lokugwazwa ngesihluku kukadadewabo.
UMjosty ubekhuluma ngaphandle kweNkantolo ePhakeme eThekwini, lapho bekulindeleke ukuthi kuqulwe khona icala elibhekene nowesilisa okubikwa ukuthi ungumfundisi waseBurundi.
Kubikwa ukuthi umsolwa okwamanje usesibhedlela lapho eyohlolwa khona isimo sakhe sengqondo, nokuyisizathu sokuthi engazange avele enkantolo izolo.
Udadewabo kaMjosty, oneminyaka engu-40 ubudala, kanye nendodakazi yakhe eneminyaka engu-16, kubikwa ukuthi bagwazwe umsolwa eBluff, eningizimu yeTheku, ngesonto eledlule. Lo mama usasesimweni esibucayi esibhedlela, kanti ingane yona yalimala engalweni, yelashwa maqede yadedelwa.
UMjosty uthi ulindele ukuthi umsolwa avele enkantolo namuhla, futhi unethemba lokuthi uzosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze icala liqhubekele phambili.


