Bright Ntuli
Usomabhizinisi osolwa ngezenzo zobugebengu uVusumuzi “CAT” Matlala, usekuvumile ukuthi wanika owayengusekela khomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uShadrack Sibiya, imali engu 500-thousand wamarandi njengesipheko emshadweni wengane yakhe.
Ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga, uMatlala ubuzwe ngukhomishana uSandile Khumalo ngesizathu sokukhokha le mali.
Nokho, uMatlala wenqabile ke ukudalula eminye imininingwane, wathi lokhu kungenxa yokukhathazeka ngokuphepha kwakhe, nokuyinto akade ayidalula kubaholi bethimba elihola ubufakazi kulekhomishana.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMatlala…
UMatlala uphinde wengeza nokuthi wacelwa usomabhizinisi ophinde abe ngomunye wababasolwa abakhulu uBrown Mogotsi imali, ethi ingeyezihambeli zowayengungqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu.
Uthi wabika kowayengungqongqoshe wamaphoyisa u Bheki Cele ukuthi akasamthembi uMogotsi ukuthi ukhuluma iqiniso ezingxoxweni zabo.
“Angisamethembi lo muntu [uBrown Mogotsi], angisakholwa ukuthi ukhuluma iqiniso,” kusho uVusimuzi ‘Cat’ Matlala, osolwa ngokuba yilungu lenhlangano yobugebengu, ezama ukuchaza umongo wezingxoxo zabo kuWhatsApp



