Uyaveva Umama Wengane Elunywe Izinja Emagcekeni Eskole

Written by on 28 August, 2023

By: Dawud Phungula

Umama womfanyana onemnyaka engu-10 ubudala olunywe izinja emagcekeni eskole, uThandazile Mbhele, uthi ufuna izimpendulo ngokulimala kwendodana yakhe efunda eXopo Village intermediate School eningizimu yeKwaZulu-Natal.

UBathandwa Mbhele ofunda uGrade 5 usinde kukubi ngenkathi ehlaselwa yizinja ekubikwa ukuthi zihlala ngaphakathi emagcekeni eskole kodwa akwaziwa ukuthi ngezikabani.

Ngokuthola kwezindaba zeGagasi Fm lezinja sezihlale kulesiskole kusukela ngo-2021.

UMbhele uthi okumkhathaza kakhulu ukuthi kusukela ngosuku ingane yakhe elimale ngalo akekho oseke waxhumana naye ukumnika incazelo kanye nosizo mayelana nobulungiswa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Oyisikhulumi soMnyango Wezemfundo uMuzi Mahlambi uthi loludaba lokulimala komntwana selufikile kubona futhi lubashaqisile.

UMahlambi uthi bazolusukumela phezulu loludaba njengoba ethi bazoxhumana nanomnyango wezolimo ozolekelela ukususa lezizinja eskoleni ngoba kuyacaca ukuthi ziyingozi futhi akumele zibe semphakathini.

 

 

 

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background