Zimkhalele Osolwa Ngokubulala Obeyintombi Yakhe

Written by on 2 May, 2024

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNonhlanhla Khoza, usencome ukuzinikela kwamaphoyisa ekuboshweni komlisa osolwa ngokubulala ngesikhulu isihluku intombi yakhe.

UZanele Khathi oneminyaka engu-18 ubudala, nongumama wengane eneminyaka emibili, washona ngendlela engaqondakali endlini yakhe KwaDumisa, ogwini oluseningizimu nesifundazwe i-KZN ngempelasonto edlule.

Uphenyo lokuqala lwamaphoyisa, luyakuqinisekisa ukuthi uZanele ubelokhu ehlukunyezwa ngokushaywa eside isikhathi, nokungenzeka ukuthi kuhlobene nokushona kwakhe.

UKhoza uthi izimo eziholele ekushoneni kwalomama osemuncane, ziyadumaza kakhulu ngoba kuyacaca ukuthi uZanele ubelokhu efela ngaphakathi ngesimo abebhekene naso, esiphethe ngokumkhipha umphefumulo.

Okhulumela umnyango uMhlaba Memela uthi amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo ngokubopha umsolwa ngokushesha okungaka.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background